Home News Community KUSHONE UNOGADA KUPHANGWA EYEMALI OSIZWENI.

KUSHONE UNOGADA KUPHANGWA EYEMALI OSIZWENI.

536
0
SHARE

Kudutshulwe kwabulawa unogada, kwathi omunye walimala kabi ngemuva kwesigameko sokuzama ukuphanga esenzeke oSizweni, eNewcastle.

Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bathole unogada okukholakala ukuthi oneminyaka engama-30 ubudala, enamanxeba angu-11 okudutshulwa.

“Ngeshwa bekungekho abosizo lokuqala bakwa-ER24 ebebesangakwenza ukuhlenga impilo yakhe, kube sekuqinisekiswa endaweni yesigameko ukuthi ushonile,” kusho i-ER24.

Omunye unogada, okukholakala ukuthi oneminyaka engama-20 ubudala, usesimweni esibucayi ngemuva kokudutshulwa amahlandla amane kanti uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ukuze ezothola ukwelashwa okunzulu.

Abanye abantu abahlanu bathole ukulimala okungatheni kanti bathole ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela.

Daily Sun

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here